Ufelani Kungakabi Isikhathi Na?
Sale!

Original price was: R170,00.Current price is: R150,00.

Lencwadi izokufundisa lokhu:
• Ukuqaphela nokucabanga ngaphambi kokuthi wenze utho
• Ukuphila impilo ehlanzekile nengcwele phambi kuka Nkulunkulu nakubantu ophila nabo emhlabeni.
• Ukuphila impilo ezokufikisa ekusaseni lakho
• Ukubhekana nokunqoba izingqinamba ohlangabezana nazo
• Ukuphumelela empilweni yakho.
IKUSASA LAKHO LISEMCABANGWENI YAKHO, NGIYABUZA
UFELANI KUNGAKABI ISIKHATHI NA?

Category:

Description

Bazalwane kubuhlungu futhi kuyadabukisa ukubona umuntu odalwe ngomfanekiso ka Nkulunkulu ukuthi abuse aphinde ande emhlabeni efa kungasona isikhathi sakhe sokufa, ungafi ungakafi ngoba uzofa. “Ukufa” ngemicabango nangezenzo noma sikubona uphila enyameni kodwa ufele ngokomoya. “Ungakafi” ukufa enyameni “ngoba uzofa” ukufa ingunaphakade. Isisho sithi ayikho indawo enothile njengasemathuneni, ngoba baningi abalele emathuneni nemicabango nezifiso ezinhle kodwa ezingafezekanga emhlabeni. Ngithanda ukukutshela ukuthi usathane unamanga, ngeke ufe wena iphupho lakho lingafezekanga.